INongomaFM ihlanganise iminyaka esishiyagalolunye izwakala emoyeni.
lomsakazo womphakathi ozinze kwaNongoma enhla nesifundazwe sakwaZulu-Natal waqala ngonyaka ka2015 June 01 nalapho yavulwa ngokusemthethweni isilo samabandla onke uMdlokombane.
Lo ngumsakazo ongaconsi phansi kubalaleli ngenxa yezinhlelo ezihlabahlosile abazethulayo.INongoma isikwazile ukukhiqiza abasakazi abanohlonze esingabala uBingelela Mpanza oshayela uhlelo lukasgiya ngengoma emsakazweni UKhoziFM.
UMphathi walomsakazo uMtwana uSbo Zulu ubonge abasakazi, abaxhasi kanye nomphakathi wonkana ngokubeseka wacela baqhubeke njalo ukukhulisa lomsakazo.