Basale benganayo indawo yokufihla ikhanda abantu basoTongaat ngenxa yesimo esingasihle sezulu.
Kubikwa ukuthi sishingishane sihlasele endaweni yasoTongaat namuhla sacekele phansi imizi eminingi abantu basale bengenamakhaya abanye balimele.
Abe IPSS Medical Rescue bathi banikele kuleyandawo ukuyosiza batakule abantu kulenhlekelele.
Umphakathi uyanxuswa ukuba uqaphele kukhulu lesi simo sezulu esingesihle kulesisifundazwe.