Ulwela impilo yakhe uLulonke Mbanjwa oneminyaka emihlanu wase Longhomes eWembezi olunywe yizinja zohlobo lwepitbull.
Ilunga lomndeni lilandise iphephadaba ngaloludaba lathi, “uLulonke wayedlula ngakulomuzi ofuye lezinja ngolwesihlanu olwendlule nokwathi uma edlula kanti aziboshiwe zabe semjaha zamfica zamluma”.
Umtwana wabe esephuthunyiswa esibhedlela engasakwazi ngisho ukuvula amehlo ngenxa yokulimala kanzima.
lelilunga lomndeni lithi okubacika du ukuthi umnikazi wezinja akakaze abuze ukuthi umtwana unjani futhi akakaze alubeke nasesibhedlela ukuyombona lomtwana.
Uzokhumbulake mfundi wephephamdaba ukuthi loluhlobo lwezinja luyingozi kakhulu ezimpilweni zabantu njengoba sezidlule nemiphefumulo yabantu abaningi.
Akukabi bikho icala eselivuliwe kuze kube manje.