Amaphoyisa aseLimpopo abophe owesifazane, 33, ngecala lokubulala ngemuva kwezinsolo zokudubula abulale umyeni wakhe ngesikhathi kunengxabano ngezinsolo zokuthi uyajola.
Unkosikazi ubemsola ngokujola nowesifazane ohlala endaweni eyodwa nabo.
Amaphoyisa athi lo wesifazane udubule owesilisa ngesibhamu sakhe ngesikhathi ezama ukubaleka ngesikhathi ebhekene nezinsolo zokuthi wayekopela.
Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo, uCol Malesela Ledwaba, uthe amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo babizwe endaweni yesigameko ngoMsombuluko ekuseni bathola indoda, 32, ilele edamini legazi.
Akashongo ukuthi udutshulwe kangaki.
ULedwaba uthe izinsolo zithi lezi zithandani, ezidabuka KwaZulu-Natal kodwa ezihlala e-Elansdoom, zike zaba nengxabano eshubile ngaphambi kokuthi zidutshulwe.
“Ngokwemininingwane yokuqala, udlame lusuke ngemuva kokuba umsolwa ethole ngokujola komyeni wakhe obekwenzeka kuyona le ndawo eqashisayo.
“Ube eselanda isibhamu somyeni wakhe esinelayisensi waqala wadubula kaningi ebhekise kuye ngesikhathi ezama ukubaleka. Ngeshwa, isisulu esineminyaka engu-32 ubudala sidutshulwe sawela emgwaqweni.
“Ngesikhathi befika endaweni yesigameko amaphoyisa nabezimo eziphuthumayo bafice isisulu sidindilize edamini legazi kanti kuthiwa ubeshonile. Isibhamu okukholakala ukuthi yisona esasetshenziswa ukwenza lobu bugebengu, sitholakale endaweni yesigameko saphinde sathathwa ukuze kuqhutshekwe nophenyo. uphenyo,” usho kanje.
ULedwaba uthe bobabili indoda nonkosikazi bangothisha ezikoleni ezahlukene endaweni. Uthe imininingwane kamufi izokhishwa ngokuhamba kwesikhathi.
“UKhomishana wamaphoyisa esifundazweni, uLt General Thembi Hadebe, usewuqhakambise umshikashika oqhubekayo wokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane esifundazweni, wanxusa imiphakathi ukuthi ifune usizo lochwepheshe ukuze kuxazululwe izinkinga zobudlelwano esikhundleni sokususa udlame,” kusho uLedwaba.
Umsolwa kulindeleke ukuthi avele enkantolo yeMantshi yaseMoutse ngecala lokubulala.
KwaZulu-Natal kunzima wokuhlukunyezwa kwabantu besifazane