Osomabhizini abangabanikazi bezitolo ezingamaSpaza Shop iningi labo elingabomdabu wase-Asia bamashele enkantolo yesifunda eZakheni lapho bekuvele khona abasolwa ngokugqekeza nokweba ezitolo zabo.
Laba basolwa okubandakanya noyedwa ongowokudabuka khona e-Asia ezweni lasePakistan bebevele kulenkantolo namhlanje. Iqulu lababhikishi belibhikisha lifuna abasolwa benganikezwa ibheyili ikakhulukazi lona ongumkhaya wabo,”uma ngabe enikezwa ibheyili uzobe engaphephile yena, futhi nomphakathi engaphephile. Size lapha ukuzoqinisekisa ukuthi yena nalaba aboshwe nabo abadedelwa,” kuchaza omunye wosomabhizinisi.
Lomlisa kuthiwa uhlangane nabanye abalisa bakhona endaweni yaseZakheni, bagqekeza izitolo zabokufika maqede bathathe imali nezinye izinto.
Inkantolo inqabile ukunika lomlisa wasePakistani ibheyili ngenxa yokuthi akanazo izincwadi ezisemthethwei zokuba kuleli. “Sijabule kakhulu ngesinqumo senkantolo, nagokuzayo sobe sikhona sizoqinisekisa ukuthi lesi sigilamkhuba asiphunyuki,” Kuchaza losomabhizinisi.
Icala lihlehlele umhla ka 13 kuJune.