I-DA KwaZulu-Natal isivulele uBheki Mtolo we-ANC icala lobugebengu emaphoyiseni aseHowick ngezinsolo zokususwa kwezingqwembe zayo zokhetho.
Iqembu lithe kunesikhalo esivuliwe naku-IEC.
Ithe inabo ubufakazi be-video kanye nombiko owazibonela ngawakhe oveza ngokusobala ukuthi i-ANC isusa amabhodi ayo okhetho.
“Lesi senzo siwumzamo osobala we-ANC wokubukela phansi inqubo yentando yeningi futhi kukhombisa ukudangala nokwesaba kwabo ukukhula kokwesekwa kwe-DA,” kusho uChris Pappas ongenele uNdunankulu weDA KwaZulu-Natal.
UPappas uthe njengonobhala-jikelele we-ANC esifundazweni uMtolo uyinhloko yokuphatha i-ANC ngakho nguyena okumele aphendule ngesenzo samavolontiya e-ANC.
“I-DA iyazigxeka lezi zenzo futhi icela iziphathimandla ziphenye kabanzi. Sikholwa wukuthi ukuziphatha okunjalo kuwuphawu lokuncipha kwethonya le-ANC nokungakwazi ukuqhudelana ngendlela efanele kwezombusazwe.
“Ukusaba kwe-ANC ngokukhula kwedumela leDA kubonakala ngezenzo zayo. Abantu baKwaZulu-Natal bafanelwe okungcono kuneqembu elisebenzisa amaqhinga anjalo. Sizibophezele ekuqinisekiseni uhlelo lokhetho olunobulungiswa futhi olusobala,” usho kanje.
Uqhube wathi: “Ezinsukwini ezine abantu baKwaZulu-Natal bathole ithuba lokususa i-ANC ekhohlakele bafake uhulumeni omusha ozotakula isifundazwe sethu.
Ephendula ngale zinsolo, uMtolo uthe: “Baphelelwe yimibono engingakuqinisekisa izikhathi ezingu-1 000 ukuthi abanabo ubufakazi obunjalo emhlabeni.”
“Ukuvula icala-lokho kungaba yindlela engcono kakhulu kubo embusweni wethu weningi. Ngiyabakhuthaza nokuthi bavule icala ukuze amaphoyisa enze uphenyo olusheshayo futhi oluphuthumayo.”