Izikhungo zokuvota ezingaphezu kuka-215 kwezingu-4,874 zeKhomishini yoKhetho yaseNingizimu Afrika (IEC) KwaZulu-Natal zihlonzwe njengezingaba nodlame ngemuva kokuhlolwa kwamaphoyisa.
Lokhu kuvezwe uKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba mayelana nesimo sokumi ngomumo ebesibizwe nguNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumanisa uMphakathi uMnuz Sipho Hlomuka ngoMsombuluko.
“Lezi ziteshi zokuvota zisezindaweni ezahlukene zesifundazwe kuzo zonke izifunda ezingu-11. Emkhakheni wabantu abasengozini enkulu kukhona iziteshi ezingu-1 064,” kusho uMkhwanazi. UHlomuka uthe uphiko lwezobulungiswa nezokuphepha luhlonze nedolobha lasemakhaya KwaNongoma njengezinye zezindawo ezingase zibe nezibhelu ngokhetho, lokhu kubangelwe yizigameko zakamuva zokubulalana kwezepolitiki okudlule nemiphefumulo yamakhansela nabaholi bomdabu endaweni.
“Izindawo ezifana noNongoma zizonakwa kakhulu. KwaNongoma nezinye izindawo zaseZululand zifuna ukuzihlukanisa njengezindawo okungenwa kuzona kodwa ayikho esifundazweni okumele ingahambi,” kusho uHlomuka.
“Ngeke sinike izigilamkhuba ithuba. Abantu kumele balindele ukubonakala kwamaphoyisa esifundazweni sonke. Kuzoba nokusebenza okungahleliwe okuzohlanganisa ukuma nokuseshwa kwezimoto.” UHlomuka uxwayise umphakathi ngokuthi ungaphuci izakhamuzi ilungelo lazo lokuvota ngokuvala imigwaqo kucekelwe phansi nempahla. Ubalule izindawo ezifana nomgwaqo uR74 eMuden lapho kushiswe khona iloli ngeledlule, wathi le ndawo izonakwa.
“Siyakuqonda ukuthi umbhikisho udalwe wukulethwa kwezidingo kubantu njengoba bebengenawo amanzi. Noma yiziphi izenzo noma izinsongo zodlame nokusabisa akunandawo esifundazweni sethu futhi ngeke kubekezelelwe.”
Ikomidi lamaqembu ahlukene lokungenelela belilokhu lihlangana njalo ukuze libhekane nanoma yiziphi izigameko zokungezwani kwezombusazwe futhi lizoqhubeka nokuhlangana ngokushesha noma nini lapho kunosongo lokuntengantenga kwezombusazwe. Lokhu futhi kuhloswe ngakho ukusiza ukwakha izenzo zezombusazwe ezingeni lesifunda kanye nezinga lesiteshi sokuvota.
“Simi ngomumo. Sizosebenzisana kakhulu ne-IEC nezinye izinhlaka ezibheka ukhetho.”
UHlomuka uthe ingxenye yezinhlelo izoqinisekisa ukuthi iziteshi zokuvota, izingqapheli nabasebenzi bakwa-IEC bayavikelwa.
“Izikhungo zokuvota nezindawo zokugcina izimpahla zokuvota zizovikelwa futhi zivikeleke. Sithatha ukuvuthwa kuwo wonke amaqembu ezepolitiki.”
UHlomuka uthe usejube zonke izikhulu ukuthi ziqinisekise ukuthi yonke ingqalasizinda yemigwaqo engenela eziteshini zokuvota iyafinyeleleka.
“Sibeke amathimba ethu ezifunda ezindaweni zokulinda ukuze abhekane nazo zonke izimo zezulu. Abantu abavote ngo-1994 bazolubona ushintsho olucacile nolubonakalayo ekulethweni kwengqalasizinda.”