Amaphoyisa aseMnambithi aphume umkhankaso athungatha abantu abathathu abadubule owesilisa endaweni yaseBurford izolo ebusuku.
Kubikwa ukuthi amadoda amathathu agasele endaweni yokucima ukoma ebizwa ngokuthi yikwaDzhe kwaShayinduku lapho abantu bebehleli bebukela ibhola avela ngewindi adubula ngaphakathi kwashona oyedwa kwalimala abayisishiyagalombili.
Amaphoyisa acela amalunga omphakathi angaba nolwazi ngalesehlakalo ukuba ahlabe inhali.
Imbangela yalokuhlasela ayikaziwa.