Inkantolo yeMantshi yaseRoodepoort igwebe umlisa udilikajele ngecala lokudlwengula nokukhulelisa indodakazi yomlingani wakhe. Lomlisa kuthiwa ubelokhu edlwengula lomtwana isikhathi eside kungaziwa ngoba ummangalelwa wayesabise ngokumbulala.
Isiulu sasineminyaka engu-15 ubudala ngesikhathi ebika ngalezi zigameko ngoJuni 25 2022, wathi wadlwengulwa kusukela eneminyaka engu-11. Le ntombazane ithi ukudlwengulwa kwenzeka ngesikhathi unina eyosebenza njengoba unina wayesebenza emakhishini futhi ehlala lapho esebenza khona. Ngesikhathi ebika, ubesanda kubeletha. Umbuso wenze iDNA kumtwana nalomlisa imiphumela yaphuma iveza ukuthi ngempela lomlisa unguyise walomtwana.
Ummangalelwa ulivumile icala futhi walahlwa yicala. Ngesikhathi sokukhishwa kwesigwebo umshushisi uZanele Chauke wafaka isicelo sokuthi agwetshwe udilikajele ethi umsolwa wasebenzisa budedengu isikhundla sokwethenjwa futhi wavuma icala ngenxa yobufakazi obuningi abhekene nabo. UChauke wengeze ngokuthi ukudlwengula kuyicala elibi elehlisa isithunzi futhi lephula sona kanye isithunzi sabahlukunyeziwe kanye nomuzwa wabo wokulondeka.
U-Ettiene Van Niekerk, imantshi yenkantolo yesifunda, uvumelane neziphakamiso zombuso wabe esegweba ummangalelwa udilikajele.
I-NPA ithe iyamncoma uChauke kanye nomphenyi wecala, uSgt Grace Mabungu, ngokuqinisekisa ukuthi ubulungiswa buyenzeka.