Yisikhathi sokuthweswa kweziqu ezikhungweni ezahlukene kuleli ,lapho abafundi bevuna abakutshalile.
UNomfundo Kubheka ungomunye wabangasalanga ngaphandle njengoba bekungokwesithathu ebeyolanda okungokwakhe eNyuvesi yaseZuluLand.
UNomfundo udabuka endaweni yaseTsakane eMnambithi ubethweswa iziqu zakhe zeMasters Degree in Public Administration osukwini layizolo.
Ekhuluma nephephandaba UThukela News ugqugquzele kakhulu abantu abasha ikakhulukazi abaphuma emakhaya ahlwempu ukuba bafundeukuze beshintshe izimpilo zabo wavala ngamazwi athi ” Amaphupho ayafezeka, mabazi ukuthi ikusasa lisezandleni zabo”
Lentokazi ithi isifiso sayo manje ngesokuthi isebenze kanzima ithole iziqu zobutokodela (PHD).