Kudutshulwe kwabulawa izigebengu ezintathu ngesikhathi kuba nokudubulana phakathi kwazo namalungu ophiko lwe-SAPS kuNational Intervention Unit (NIU) ngesikhathi zisendleleni ziyobulala usomatekisi owaziwayo. Lesi sigameko senzeke eShowe ogwini olusenyakatho yeKwaZulu Natal ngoLwesine ntambama.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, usiqinisekisile lesi sigameko. UNetshiunda uthe amaphoyisa ethimba lesifundazwe eKZN asebenza alunywe indlebe uphiko lwezobunhloli ngabasolwa abebephethe izibhamu okukholakala ukuthi bebesendleleni yokuyobulala. “Abasolwa bavinjwe ngaseKing Dinizulu amaphoyisa abe esekhombisa ukuthi imoto yabasolwa ayime kodwa yasuka ngesivinini okudale ukuthi amaphoyisa ayihlale ezithendeni.
Izigilamkhuba zibe sezidubula zibhekisa emaphoyiseni, amaphoyisa aphindisela ngenhlamvu kwathi abasolwa abathathu balimala kabi ngesikhathi sokudubulana,” esho, wengeza ngokuthi kulimale iphoyisa elilodwa ngesikhathi sokudubulana.
Kuthiwa ngasekuqaleni kosuku izigebengu ezintathu ziye enyangeni ziyofuna ukuzivikela njengoba bezizosoconga umphathi wamatekisi. Izigebengu zibe sezihamba zikanisa egaraji likaphethiloli zizolinda umnikazi wetekisi ngesikhathi zilandelwa amaphoyisa. Ngokusho kwamaphoyisa, kutholakale izibhamu ezimbili, esisodwa esinenombolo esuliwe kanye nezinhlamvu eziningi kubasolwa. “Ukuthungathwa kwemoto yabasolwa kuholele ekutholakaleni kwebhomu lesandla nezinhlamvu zesibhamu. Abasolwa ababili bahlonziwe kanti kusolakala ukuthi bayathinteka emacaleni amaningi okubulala ahlobene namatekisi nelokuzama ukubulala eKing Cetshwayo. District,” kusho uNetshiunda.