Umphakathi wase Burford eSigodiphola izolo ubize umhlangano ophuthumayo nekhansela lendawo uMthokosizi Khoza.
Umphakathi ukhathazekile ngabantu bakulendawo abafuna ukumisa uhlelo lokufakwa kwamanzi endawoni.
lo mphakathi uthi kunomuntu wendawo omise usonkontileka obafakela amanzi.
Bathi ubuza ukuthi uqhasha kanjani bona beyizakhamuzi bengazi.
Ukhansela wendawo uMthokosizi Khoza uthi loluhlelo lwamanzi aseSigodiphola akusilo elomkhandlu uThukela, usomabhizinisi nje othe uzolula isandla ngoba kade base bamkhalela ngamanzi e Burford.
uKhoza uveze ukuthi inkampani iMayibuye Contraction iyona ebenzela lomsebenzi ngokubalekelela futhi akukho ezokuthola. Fithi lenkampani yabatshela ukuthi ngeke iqashe muntu wendawo ngoba ayabasiza nje kungumnikelo lokhu abakwenzayo bazofika nabasebenzi babo.
Umphakathi no Khoza bavumelene ngokuthi akakho namunye umuntu abazomvumele amise intuthuko e Burford ngoba ayabanzi ubunzama bokungabi nantuthuku ikakhulu amanzi.
Kanti umphakathi uthi wona ngeke udlale abantu abazofuna ukusebenzisa amandla abo ne politiki uma kuza ngakwi ntuthuko. Umthetho ukuzomele uthathe indawo uma kuzoba nabantu abahlukumeza amalungelo abo.