Abashayeli bezimoto abahlela ukusebenzisa uthelawayeka u-N3 kule mpelasonto kuzomele benze ezinye izinhlelo njengoba iSouth African National Road Agency (SANRAL) isimemezele ukuvalwa thanqa komgwaqo u-N3 kusukela ngo-17:00 ngoMgqibelo (March 23) kuya ku-04:00. ngoMsombuluko (March 25).
I-SANRAL ithe lokhu kwenzelwa ukusiza ukubhidlizwa kwesakhiwo sebhuloho laseMpumalanga iSt James (Spine Road) kanye neLancaster Road Bridge njengengxenye yezinqubo zokwakhiwa kokulungiswa komgwaqo u-N3 phakathi komehlukanandlela iWestville Viaduct kanye neParadise Valley.
Ku-N3 obheke empumalanga, umgwaqo uzovalwa ngokugcwele empambanweni yomgwaqo uM7 Farningham Ridge entshonalanga, lapho izimoto zizophambukiselwa ku-M7 (enyakatho noma eningizimu).
Izimoto ezinkulu njengamaloli ezihambela eningizimu yeTheku ziyakhuthazwa ukuthi zisebenzise umgwaqo uM7.
Izimoto ezinkulu njengamaloli ezihamba empumalanga nasenyakatho yeTheku ziyakhuthazwa ukuthi zisebenzise umgwaqo uM19.
I-M13 izosebenza ezimotweni ezilula eziya ngasempumalanga.
Emgwaqeni u-N3 oya ngasentshonalanga, ukuvalwa ngokuphelele kuzokwenzeka ku-N2 EB Cloete interchange (Spaghetti Junction) empumalanga, lapho izimoto zizophambukiswa khona enyakatho naseningizimu ku-N2, kusho i-SANRAL.