UMlungisi Hlongwane ongubaba weNkosi yaMangwane uNontobeko Hlongwane uvele enkantolo yaseBergville osukwini lanamuhla ngecala lokudlwengula.
UMlungisi usolwa ngokudlwengula indodakazi yakhe ephindelela kusukela ngenyanga kaZibandlela nyakenye wasabisa ngokuyibulala.
Lomlisa ubesandakudedelwa ejele ngohlelo lukahulumeni lukashwele ngecala lokudlwengula, nokwamenza wangafaneleka ukuqhoqhobala esihlalweni sobukhosi wabe eseqoka indodakazi yakhe njengebamba kulesikhundla.
uLindiwe Kubheka olwela amalungelo abesifazane kwinhlangano iANC ubengomunye obethamele lelicala uthe uyafisa ukuthi inkantolo ithatha isinqubo esifanele esizokuba sifundo kubantu abenza ububi ikakhulukazi kuleyandawo yaseBergville lapho kunezigameko eziningi ezihlukumeza abesifazane bese kuhlalwa phezulu kwazo kukhokhwelwane izinkomo, kuhlatshwe nezimbuzi zoxolo okuphambene nomthetho.
Omunye wezinduna zamangwane uKhumalo elandisa intatheli uthe okwenze basukumela loludaba ukuthi luthinta iNkosi yesizwe sabo saMangwane. kungumsebenzi wabo njengezinduna ukuvikela inkosi yabo ikakhulukazi njengoba iyinkosi esencane yesifazane, uMtungwa uphinde waveza nesinye isenzo esingesihle sokuthi UMlungisi ubeshaqa yonke imali yeNkosi yomholo angayiniki ngisho okokuthenga izidingo ezibalulekile zabesifazane.
Lelicala lihlehlele umhlaka 02 May 2024, Inkosi uNontobeko usekubhaceni.