Umsakazi omusha kuJozi FM, uPenny Ntuli, ube sengozini emgwaqeni onguthelawayeka u-N3 kuthangi. Lo msakazi ongowokudabuka KwaZulu Natal, usenenyanga eyodwa efikile eGoli.
UNtuli, ojoyine isiteshi somsakazo esizinze eSoweto ngo-Ephreli, uthe uze nemoto yakhe eGoli njengoba eseqala ukujwayela eGoli.
Ingozi yenzeke ngesikhathi iloli elithwala izingodo liphunyukelwa yinqwaba yezingodo eshayise imoto yakhe yalimaza ubhampa ongaphambili. Ubhale ekhasini lakhe le-Facebook wathi: “Namuhla nginqume ukuthi imoto yam ize eGoli ngoba sengiqala ukuyijwayela lendawo, ngokulandelayo kuFreeway kuwa ugodo kwiTruck lazotheleka ngqo kumina.”
Umlingisikazi ophinde abe ngumsakazi, onabalandeli abangaphezu kwezigidi ezingu-1.7 wengeze ngokuthi usindile, nabagibeli bakhe, kodwa waphambukela eceleni komgwaqo, washayela waqonda ngqo otshanini ukuze agweme ingozi embi ebingaqhamuka kwezinye izimoto. “Noma ngabe ngenzeni bizolimala imoto noma ngenzeni. But hey akekho olimeleā¦ So long as umuntu esaphila, sengibonga lokho,” kubhala yena