Usihlalo wenhlangano yoMaspala I South African Local Government Association (SALGA) ophinde aba imeya yomkhandlu i King Cetshwayo uMnumzane Thami Ntuli uhambele isifunda uThukela izolo endaweni yeseDukuza eBergville.
UNtuli ubemenywe yimeya yomkhandlu uThukela Inkosi Ntandoyenkosi Shabalala ukuzobona umsebenzi nokwethulwa kwesiphehli manzi iDukuza Water Treatment Plant emphakathini.
UMphemba uthi udaba lwamanzi ulazikahle njengoba naye eyiMeya eKing Cetshwayo. Ubale izinto ezine ezenza ukuthi kube nenkinga yamanzi.
Uthi ezinye zezizathu ezenza ukuthi kube nenkinga yamanzi, ukukhula kwemiphakathi kanye noku-guquguquka kwesimo sezulu.
UNtuli ucele abasebenzi basoThukela ukuba basebenzele isizwe ngokwenza isiqiniseko sokuthi abantu basoThukela bayawathola amanzi.
“Basebenzi uma ungumsebenzi womkhandlu usuke uyisisebenzi somphakathi kufanele ubeqotho ucabangele umphakathi kuze wona kuqala kunawe ningancishi abantu izidingo zabo ningavilaphi ngomsebenzi eniwenzayo ” kusho Ntuli