UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, usexwayise izikhulu zikamasipala nezifundazwe ngokuthi ukuhlolwa kwamabhuku okuhlanzekile kuzoba yingxenye yazo zonke izivumelwano zokusebenza ngokuzayo. UNtuli uthi lokhu kuyadingeka ukuze kuthuthukiswe ukuhlinzekwa kwezidingo kubantu esifundazweni.
Wethule inkulumo yakhe ngesikhathi evula isiShayamthetho sesi-7 eMgungundlovu ngoLwesithathu.
“Kumele sikubeke ukuthi lo hulumeni uzosebenzisa indlela eqinile yokungabekezeleli umthetho, uphoqelele ukuziphendulela, futhi uqinise ukulawulwa kwemiphumela,” kusho uNtuli.
“Sifuna yonke iminyango, omasipala nezinhlaka zikahulumeni benze ngcono imiphumela yocwaningomabhuku futhi balwele ukuthi kucwaningwe amabhuku ahlanzekile. Lokho akuxoxiswana.”
UNtuli uthe ukuphatha kwakhe kuzogxila ekuphatheni okuhlanzekile, okunesimilo kanye nokubusa okuhle.
“Ukuphatha okuhlanzekile, okunokuziphatha okuhle nokuhle kuzoba yinsakavukela umchilo wesidwaba, ukukhwabanisa nenkohlakalo kulo hulumeni ngeke kubekezelelwe.
“Inombolo yocingo kaNdunankulu iyasebenza. Ukukhombisa ukuthi asidlali siyasebenza, ngifisa ukwabelana ngenombolo yamahhala kanye ne-imeyili namuhla, ethi 080 122 9040, kanye nekheli le-imeyili elithi [email protected].
“Ngifisa ukuthi sonke isakhamuzi, singagcini nje ngokubona izenzo ezingalungile, kodwa futhi sibike izenzo ezingalungile. Ngiyanikhuthaza nonke ukuthi nibike izenzo zokuphatha budedengu, inkohlakalo kanye nokungalethwa kwezidingo kubantu.”