Ithuba lokukhula libe yibhizinisi elisimeme linikezwe abalimi ngohlelo oludidiyelwe oluzohlinzeka ngemishini, ingqalasizinda kanye nobungcweti bomkhakha.
UNdunankulu uNomusa Dube-Ncube uhole ukwethulwa koHlelo Oludidiyelwe Lokuthuthukiswa Kwezolimo eRichmond ngoLwesine. Inani logandaganda abayi-1128
U-R 17 million kanye nezinye izinto ezisetshenziswayo zizosatshalaliswa kuzo zonke izifunda lapho ongqongqoshe bethula lolu hlelo.
Ngesikhathi kwethulwa uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, kanye noNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya (DARD), uMnuz Super Zuma, banikeze izitifiketi zobunikazi ezinhlelweni eziningi zomphakathi.
Ngalolu hlelo uhulumeni wesiFundazwe uhlose ukuletha uguquko kwezolimo, uguquko kwezomnotho ngesikhathi eqinisekisa ukutholakala kokudla. Ukuqeqeshwa okwengeziwe nokusetshenziswa kwemishini kuzonikezwa amaphrojekthi omphakathi ahlangabezana nezinselelo emisebenzini yawo yokulima ukuze aqinisekise ukuzimela kwawo.
UNdunankulu uDube-Ncube ukugcizelele ukuthi ukutholakala kokudla kuseqhulwini esiFundazweni.
“Sisazimisele ngokuvulela abalimi imakethe ngohlelo lwethu lweRASET. Sifuna abalimi bethu bashintshe imakethe. Sazibophezela ngesikhathi seNkulumo yethu yesiFundazwe ukusiza abalimi ukuthi bahlangabezane nezimfuno zesifundazwe. Sifuna baphakele izimakethe ezinkulu futhi ekugcineni bawele imingcele. Sikulungele ukubasiza ukuthi bahlangabezane nanoma yiziphi izidingo yingakho sesidlulisele ngokusemthethweni isheke kanye nemishini kwaSyaJay Agricultural Services, okuwuhlelo esiziqhenya ngalo,” kusho uDube-Ncube.
Phakathi kwamaphrojekthi amaningi azohlomula kulolu hlelo iSyaJay Agricultural Services (Pty) Ltd, okuyibhizinisi eliphethwe abantu abamnyama abangu-100%. Lo msebenzi ugunyazwe uxhaso lwesamba semali engu-R5,6 million ovela ku-Agribusiness Development Agency (ADA).
Isikhulu esiphezulu seSyaJay Agricultural Services, uMnuz Sya Ngcobo, uthe phezu kokuba ibhizinisi elizinzile nelingenisa inzuzo, umbono wabo bekuwukwakha isizinda solwazi. Uthe bafuna ukusebenza njengendawo yokubonisa lapho abalimi abancane bezocija amakhono abo futhi bathole ulwazi olubalulekile lwemboni.
“Ezikhathini eziningi uthola ukuthi abanye abalimi badonsa kanzima uma sebengenile emakethe. Noma ingaba nemikhiqizo esezingeni eliphezulu, imifino ayidayisi ngenxa yokupakishwa okungalungile. Sifuna ukufundisa abalimi bethu sibanikeze ithuba lokuthi beze bezobona ukuthi kwenziwa kanjani ngomsebenzi esizobe siwenza,” kusho uNgcobo.
Izinhlelo zomphakathi ezithole ogandaganda zidlulise ukubonga kuNgqongqoshe uZuma zithi zizosiza abalimi abasafufusa ngokubanika ogandaganda abasanda kuba nabo ukuze bakhulise umkhiqizo wabo.