UNkk Nonhlanhla Makhathini (60) uthuke waphinde wadideka ngesikhathi ethola ukuthi eMnyangweni wezaseKhaya ubhalwe njengowashona kusukela ngoNdasa (March) 2022. Owesifazane wase-Edendale ubhekene nengwadla yokwamukela isibonelelo sikahulumeni sokuguga ngemuva kokuthola ukuthi usebhaliswe njengomuntu oshonile iminyaka engaphezu kwemibili.
Okwakuhloswe ukuthi kube ukwethulwa kwesahluko esisha empilweni yakhe ngesikhathi uNonhlanhla Makhathini ehlanganisa iminyaka engu-60 ngo-Okthoba odlule futhi esekwazi ukuthola imali yakhe yesibonelelo sikahulumeni kwaSassa, kwaba wuhlelo olumkhinyabezayo ukufakazela umbuso ukuthi usenayo ngempela akafanga. UMakhathini, ohlala KwaMyandu ngase-Edendale, uthe uthuke kwaphela nasozwaneni ngesikhathi ethola ukuthi uMnyango wezaseKhaya ubhale ukuthi ushonile ngoMashi 2022. “Bengivele ngithwele kanzima futhi benginethemba lokuthi ngizoyithola le mali yempesheni ukuze ingisize ukungikhulula ezinkingeni zezimali engibhekene nazo nomndeni wami kodwa kuze kube yimanje angikalutholi usizo,” kusho uMakhathini.
UMakhathini usechithe izinyanga eziyisithupha elwa noMnyango Wezasekhaya ukulungisa imininingwane yakhe.
UMakhathini uthe ngesikhathi eya kwaSassa ngo-Okthoba ehlome ngawo wonke amaphepha adingekayo ukuze akwazi ukubhalisela impesheni kahulumeni, watshelwa ukuthi kumele aye emahhovisi oMnyango wezaseKhaya ngoba abamtholi ohlelweni.
Kwathi esesezaseKhaya, nalapho ethole ukuthi ubhalwe ukuthi “ushonile”, watshelwa ukuthi agcwalise inqwaba yamaphepha, okwakumele awathumele kwelinye ihhovisi. Ngaleso sikhathi uMakhathini uthe watshelwa ukuthi uphenyo luzothatha cishe izinyanga ezimbili kuya kwezintathu ukuthi luphothulwe.
Kodwa ngemuva kokuqhubeka nokubheka umnyango, uMakhathini welulekwa ngokuthi ngenxa yaleli phutha “elibulalayo” kumele afake isicelo somunye umazisi ongathatha izinyanga ezintathu ukuthi ulunge.