Liya ngokufezeka iphupho lika Ngqongqoshe wezokuthutha nokuphepha KwaZulu-Natal uMnuz Sipho Hlomuka lokuhambela zonke izikole zasoThukela.
Namuhla izikole ezimbili ngaphansi kwasifunda uThukela zihlomule ngemifaniswano kanye nezicathula ohlelweni lukaNgqongqoshe uSipho Hlomuka lika Khumbulekhaya.
Kanti uNgqongqoshe uhambele isikole Vuma High endaweni yase Sandlwane eBergville lapho ashiye izicathulo ezilikhulu namashumi amathathu (130) kanye nemifaniswano eyikhulu namashumi amathathu (130).
UHlomuka uhambo lwakhe uluvale eskoleni I St-Chads Primary ilapho afike khona wabhema wakholwa abafundi bemamukela ngenkulu inhlokomo nomculo obunenjubulo.
UNgqongqoshe uthi loluhambo lwakhe kanjalo ne African National Congress(ANC) kwiSifunda iJosiah Gumede Region luyakude ngoba iphupho lakhe akafuni ukubona umtwana wasoThukela engafundi ngenxa yokuthi uswele.
Kanti usihlalo we ANC eAlfred Duma uMnuz Mshushisi Shezi uthi injabulo yakhe ayipheli ngoba naye wafunda khona e St-Chads uyalwazi usizi lokungabi nezicathulo nomfaniswano wesikole.
Uthe okwenziwe ungqongqoshe kube isibusiso futhi kuzowenza umehluko kubafundi base St-chads Primary.
Kanti loluhlelo luka Ngqongqoshe lusaqhubeka nakwezinye izikole.
Kanti akuhlomulanga abafundi kuphela kodwa ngabantu nje bomphakathi bahlomulile, Abantu ability bazokwazi ukuyokwenza izicwadi sokushayela mahhala.
Kulomcimbi abasifazane ababili nabo bakwaze ukuthola ukuqasheka ohlelweni lukaqeda indlala olubizwa ngoziBambele lapho abasifazane belungisa khona imigwaqo yasemakhaya.