Umholi weNkatha Freedom Party (IFP) uVelenkosini Hlabisa uthe inhlangano yakhe izimisele ukuxolisa ngokuphazamisa ukwethulwa komqulu wokhetho weNational Freedom Party (NFP) uma edingeka. UHlabisa uthe iqembu lakhe belikhankasa nje ngaphambi kokhetho.
“Uma ngempela bethi lokhu kubaphazamisile kakhulu, ngeke sibe nankinga yokuxolisa ukuthi [indiza enophephela emhlane] indize endaweni yaseZululand kwaqondana nokuthi kube nomhlangano. Ngakho siyakwamukela ukuthi noma ngubani ophatheke kabi kumele aveze icala lakhe.”
Kuke kwaba nokushuba kwesimo kusukela ngempelasonto ngemuva kokuthi indiza enophephela emhlane ebinoqwembe lwe-IFP indize enkundleni yezemidlalo yasoLundi, KwaZulu-Natal ngesikhathi i-NFP izokhankasa.
UHlabisa uke wacashunwa kwabezindaba ethi akaliboni iphutha kuloku okwenzekile futhi akaboni ukuthi lendiza iyiphazamise kanjani i-NFP.
“Noma ngubani okhankasa ngaphandle kwendawo futhi angangeni ngaphakathi endaweni, akumele kube yinkinga ngempela.”
Uthe njengazo zonke ezinye izinkathi zokhetho, amaqembu ezepolitiki ahamba ibanga elide ukuze athole ukwesekwa.
“Uma i-IFP inomcimbi ezinkundleni zezemidlalo futhi iqembu lezepolitiki lindiza lingazishiyi izindaba zalo zomkhankaso enkundleni yezemidlalo, anginankinga.”
UHlabisa uthi indiza enophephela emhlane ye-IFP bekumele indize enkundleni yezemidlalo ngaphambi kokuthi ibhukhelwe ukwethulwa komhlahlandlela we-NFP.