Ugwetshwe udilikajele umlisa waseMgungundlovu ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala umshayeli wetekisi.
INkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ishaye uSihle Myaka ngodilikajele kanye neminyaka engu-45 ebhadla ejele.
Okhulumela i-KZN National Prosecuting Authority uNatasha Kara uthi ngo-2021, isisulu, uNkululeko Jili, wayengelwa nguMyaka endaweni yaseCopesville ngesikhathi eqhuba itekisi.
Wabanjwa inkunzi, wadutshulwa wabulawa.
UMyaka wabaleka endaweni yesigameko waboshwa ngemuva kwenyanga.
“UMyaka ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala neminyaka engu-15 umuntu ngamunye ngamacala okugebenga esebenzisa isihluku namacala ahlobene nesibhamu. Uzodonsa udilikajele.