Inhlangano eyengamele amabandla eZayoni eMnambithi eyaziwa ngokuthi Ubumbano Lukahlangana Zion ihlele ingqungquthela yokucija abaholi emabandleni eZayoni ngamacebo nezindlela eziyizo zokuhola ibandla.
Lenhlangano, ithi kubalulekile ukuvuselelana nokucobelelana ngendlela eyiyo yokuhola ikakhulukazi emabandleni ukuzE izwi lihanjiswe ngendlela efanele kubantu. Unobhala walenhlangano uMnumzane uMbhishobhi uSthembiso Maduma uthi leNgqungquthela ibalulekile emabandleni, “kubalulekile ukuthi sifundisane ngendlela yokuhola ibandla, sizobheka kakhulu indlela okufanele kuphathwe ngayo amabandla siphinde sicobelelane nangezinye izinto ezizokwazi ukuthi zibuyise isithunzi samaZayoni aphinde ahlonipheke phakathi kwamanye amabandla,” kuchaza uMaduna.
UMaduna uphinde wagcizelela ukuthi noma lengqungquthela izigxila ekuphathweni kwebandla, kodwa namalungu ebandla nawo ayamenywa ukuthi abe khona, “kuzobe kukhona amakwaya namaqembu azobe enandisa ngomculo afana noBulelwa And Friends, Ehtembeni Church Of Christ, Truly Messangers namanye amaningi. Izikhulumi eziqavile nezinolwazi olujulile ngokuphathwa kwebandla likaZayoni zizobe zishiyelana inkundla nazo.”
Lomcimbi uzobe ungoMgqibelo mhlaka 17 February kuwo lonyaka eRoyal Hotel esenkabeni ledolobha uMnambithi, umcimbi uzoqala ngo 11 ekuseni.
Kuzobe kungenwa mahhala kuwo wonke umuntu kodwa kuze ukwazi ke ukuba yingxenye yalengqungquthela kuzofanele ubekise isihlalo sakho kusemanje ngoba indawo inezihlalo ezibaliwe, ngeminingwane ungathinta lenombolo: 076 567 5743 noma 073 046 3039