UMhlonishwa uMeya Inkosi yakwaShabalala Ukhansela NB Shabalala namuhla uhlanganyele kanye nendlu yamaKhosi ngaphansi kwesiFunda uThukela ukuyoqinisa ubudlelwano phakathi kobuholi bomdabu kanye noMasipala.
UMhlonishwa uMeya Inkosi yakwaShabalala kulomhlangano wethulele indlu yamaKhosi ngezinhlelo zikaMasipala njengoba kuqala unyaka zokuqeda inkinga yamanzi ezindaweni zamaKhosi.
UMhlonishwa uMeya Inkosi yakwaShabalala uphinde wethula endlini yamaKhosi uMenenja kaMasipala omusha uMnumzane Langelihle S. Jili wanxusa ukuba amaKhosi emsebenzise njengalokhu eyingane yamaKhosi.
UMasipala wesiFunda uThukela usebenzisana namaKhosi ukuletha umehluko.
UThukela lunguMphakathi. Umphakathi unguThukela.