Isililo abantu basezingxenyeni ezithize endaweni yaseBhethany bechitha isikhathi eside bengenagesi.
Abahlali base 5 kanye nase Chester bathi sekuphele amasonto amathathu bengenawo ugesi okwenza impilo ibenzima njengoba zonke izinto sezidinga ugesi nje.
UKhansela wendawo ethintwa ngaloludaba ukuvezile ukuthi uyazi ngenkinga ebhekene nalomphakathi futhi usebazisile abantu bakwaESKOM ngenkinga kodwa into abayibalulile ngeyokuthi abantu bakuleziya zindawo bawurobhile ugesi okwenza umthamo okumele uphakalwe ugesi ubemningi lokho okuletha ingcindezi kwiTransforma ebaphakela ugesi.