UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane, uthe izikhungo zezempilo eThekwini zelaphe abantu abangaphezu kuka-120 ngemuva kwesishingishane esihlasele izindawo ezisenyakatho yeTheku. Iziphepho ezinamandla zihlasele izingxenye zeKwaZulu-Natal ngoMsombuluko, okubalwa kuzo uMgababa, Newcastle, Dannhauser naseNquthu….
USESULILE ESIKHUNDLENI SAKHE UZIZI KODWA
UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uZizi Kodwa wesulile esikhundleni sakhe manje. “UMnu Kodwa umazise uMengameli ukuthi uzosula njengoNgqongqoshe wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko kanye nelungu leKhabhinethi, ngemuva kokuthweswa icala ngokusemthethweni,” kusho uMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko…
ABESIMO SEZULU KULELI BAZOPHENYA IMBANGELA YEZIVUNGUVUNGU EZIHLASELE KULELI
ISouth African Weather Service ithi iphenya amandla, umonakalo kanye nomthelela wezishingishane ezimbili ezihlasele KwaZulu-Natal kuleli sonto. Izibikezelo zithi i-twister yokuqala eyakhiwe e-Utrecht yaqala ngokuthi ibizwa ngokuthi inkanyamba yezintambo ngaphambi kokuba ibe inkanyamba…
BABUYELA ENKATOLO NAMUHLA UTHABO BESTER NESINQANDAMATHE SAKHE UNANDIPHA
Umbulali nomdlwenguli owalahlwa yicala, uThabo Bester naboshwe nabo kulindeleke ukuthi babuyele eNkantolo eNkulu yaseFree State eBloemfontein ngoLwesithathu ukuze kuqulwe icala labo. Abantu abayisishiyagalolunye okubalwa kubo intombi kaBester uNandipha Magudumana noyise babhekene namacala…
UZIZI KODWA UZOVELA ENKANTOLO NGECALA LOKUKHWABANISA U-R1.7 MILLION
UNgqongqoshe wezeMidlalo namaSiko uZizi Kodwa kulindeleke ukuthi avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge ngoLwesithathu. Ubhekene namacala enkohlakalo afinyelela ku-R1.7 million. Lokhu kulandela izincomo zeNhloko yamaJaji uRaymond Zondo ngo-2021 zokuthi uKodwa akhishwe kuKhabhinethi…
IKHALA EZIMATHONSI IPIRATES NGOKUSHIYWA OMUNYE WABAQEQESHI BAYO
Nakuba kusajatshulelwa impumelelo yezimnyama yangempelasonto njengoba bekwazile ukuthi bevikele indebe yabo ye Nedbank cup ngokushaya oshampeni be Dstv-premiership okuyi Mamelodi Sundown ngo 2-1, kodwa osukwini lwayizolo leyonjabulo yabo kudingeke ukuba ithi ukubekwa…
UHULUMENI WAKWAZULU-NATAL UHAMBELE UMPHAKATHI WASOTHONGATHI
UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube ehambisana noNgqongqoshe abahlukene besifundazwe esibala kubo owezempilo uNkk Nomagugu Simelane, wezokubusa nokumbisana uNkk Bongiwe Sithole-Moloi, wezokuhlaliswa kwabantu Sipho KK Nkosi kanye noMeya weThekwini Cllr Mxolisi Kaunda bahambele…
IBUNGAZE IMINYAKA I-NONGOMA FM
INongomaFM ihlanganise iminyaka esishiyagalolunye izwakala emoyeni. lomsakazo womphakathi ozinze kwaNongoma enhla nesifundazwe sakwaZulu-Natal waqala ngonyaka ka2015 June 01 nalapho yavulwa ngokusemthethweni isilo samabandla onke uMdlokombane. Lo ngumsakazo ongaconsi phansi kubalaleli ngenxa yezinhlelo…
SESENYUKELE KWABANGU 11 ISIBALO SABANTU ABADLULE NGESIPHEPHO EKZN
Isibalo sabashonile ngenxa yeziphepho ezihlasele izingxenye ezithile KwaZulu-Natal sesinyuke safinyelela ku-11. UNdunankulu waKwaZulu-Natal uNomusa Dube-Ncube uthi balindele ukuthi isibalo sinyuke. Uvakashele eMagwaveni oThongathi ngemuva kokuthi isishingishane sihlasele le ndawo ngoMsombuluko ntambama. Kwabashonile…
ISILO SINCOME UMSEBENZI WE-IEC
ISilo saMaZulu uMisuzulu kaZwelithini uncome iKhomishini yoKhetho ngokuqinisekisa ukuthi kunokhetho olukhululekile, olunobulungiswa noluthembekile. Kwenzeka lokhu nje amanye amaqembu ezepolitiki okubalwa kuwo iMK Party eholwa owayenguMengameli Jacob Zuma ezwakalise ukungenami ngemiphumela yokhetho. Amaqembu…
SISHIYE KUKHALWA ISISHINGISHANE OTHONGATHI
Basale benganayo indawo yokufihla ikhanda abantu basoTongaat ngenxa yesimo esingasihle sezulu. Kubikwa ukuthi sishingishane sihlasele endaweni yasoTongaat namuhla sacekele phansi imizi eminingi abantu basale bengenamakhaya abanye balimele. Abe IPSS Medical Rescue bathi…
AKASINUKANGA ISIHLALO OBEKUNGUYENA YEDWA OZIMELE OKHETHWENI E-KZN
Uyedwa owayengenele ukhetho ozimele eKZN ukholelwa ukuthi ubezothola amavoti aphindwe kabili ukube uxhaso belungekho udaba. UThanasagren Moodley uthole amavoti ayi-12,323 ngesonto eledlule. UMoodley, owangusomahlaya owaziwa kangcono ngelika-Karou Charou, waqala ukukhankasa ngo-Ephreli. Uthi…