Uyedwa owayengenele ukhetho ozimele eKZN ukholelwa ukuthi ubezothola amavoti aphindwe kabili ukube uxhaso belungekho udaba. UThanasagren Moodley uthole amavoti ayi-12,323 ngesonto eledlule.
UMoodley, owangusomahlaya owaziwa kangcono ngelika-Karou Charou, waqala ukukhankasa ngo-Ephreli.
Uthi yize ephuthwe yisihlalo sobushayamthetho kodwa ujabule ngemiphumela.
Ekhuluma ngekusasa, uMoodley uthi uhlela ukuqala iqembu lakhe lezepolitiki ukuze akwazi ukungenela ukhetho lohulumeni basekhaya ngo-2026.
“Izingxoxo nezinye izinhlaka ezahlukene kanye namaqembu ezepolitiki, kodwa njengoba ngizibekele umkhankaso wami wangaphambi kokhetho, ngizosungula iqembu lami lezepolitiki futhi sizophonsela inselelo okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2026 kanye nokhetho lukazwelonke luka-2029.”
Njengongenele ukhetho oluzimele, imiphumela kaMoodley imbeka endaweni yesikhombisa ebhodini lemiphumela, edlula i-Action SA, ehlomule ngamavoti angu-9,500.