Kushe kwangqongqa indlu eNewcastle ku Dixon Street ngolwesine ebusuku. Indlu ehlala abantu abahlukene abaqashile ithungeleke ngomlilo kwashona owesifazane oyedwa. Ngokombiko ovela kubahlali bakulendlu abangathandanga ukudalulwa bathi kusuke isidumo ngenkathi owesifazane efika endlini…
BAZOTHOLELWA IZINDLU ZESIKHASHANA ABAKHAHLANYEZWE YIZIKHUKHULA
UPresident Cyril Ramaphosa uhambele endaweni yaseNelson Mandela eEastern Cape njengoba bekuhlasele izikhukhula ukuyobheka umonakalo nokududuza abakhahlamezekile Ekhuluma ehholo lomphakathi eLaplan eKariega, lapho kubekhona izikhukhula uthe uhulumeni uzohlinzeka ngosizo kulabo abakhahlamezekile abalekelele nangamalungiselelo…
I-EFF ITHI AYIHLANGANI NHLOBO NOHULUMENI ONE-DA KANYE NE VF PLUS
IPhini lomholi we-Economic Freedom Fighters (EFF) uFloyd Shivambu uthi iqembu ngeke lisithokozele isiphakamiso se-African National Congress (ANC) sokuthi kube noHulumeni Wobumbano Lwesizwe (GNU) uma kuthinta iDemocratic Alliance (DA) noma iFreedom Front Plus….
USATHUTHUMELA UTHINA ZUNGU EMVA KOKUBA IZIGEBENGU ZIKHUPHUKELE ESTEZI ZIHLOMILE
NJENGOBA ubugebengu budlondlobala mihla namalanga eNingizimu Afrika, umculi we-gospel ophinde abe ngumfundisi uThinah Zungu ubonge ukuthi uphephile ngemuva kokugetshengwa kwakhe nomndeni wakhe bekhonjwe ngezibhamu yizigebengu ezingaziwa ezintshontshe imoto nezimpahla zakhe. Ngokubika kwe…
I-DA ITHI IZOVUMA UKWAKHA UHULUMENI WOBUMBANO UMA INGEKHO I-MK NE-EFF
IDemocratic Alliance (DA) ithi izovuma kuphela ukuba yingxenye ye-African National Congress (ANC) ehlongozwayo kuhulumeni wobumbano kuzwelonke (GNU) uma uMkhonto weSizwe (MK) Party, Economic Freedom Fighters (EFF) kanye nePatriotic Alliance. (PA) abafakiwe. Izolo…
KUZOSETSHENZISWA EZOBUCHWEPHESHE BESIMANJE UKULWA NESIFO SOFUBA KULELI
ISouth African Medical Research Council ithi ukuhlolwa kofuba kumele kuthuthukiswe ukuze kwehle isibalo sabantu abathelelekayo kuleli. Lo mkhandlu ububambe ingqungquthela yawo yesi-8 ye-TB ye-SA eThekwini kuleli sonto. UMqondisi eHhovisi le-AIDS kanye noCwaningo…
ABASUBATHI SEBEKULUNGELE UKUGADULISANA OWECOMRADES MARATHON NGEMPELASONTO
Abanye abagijimi baseNingizimu Africa balungiselela umjaho weComrades Marathon wama-97 ozokuba ngeSonto KwaZulu-Natal. Bangaphezu kuka-20 000 abasubathi abavela emhlabeni wonke okulindeleke ukuba bangenele umjaho webanga lika-85km, othathwa njengomjaho ocebe kunawo wonke ezwenikazi lase-Afrika….
AMAPHOYISA ATHOLE ISIDLEKE ESIKHIQIZA IZIDAKAMIZWA ETHEKWINI
UKhomishana wamaPhoyisa e-KZN, uNhlanhla Mkhwanazi, useyalele abanikazi bezindlu abaqhashisa izindlu ukuthi bathuthukise ukuhlungwa kwabaqashi. Lokhu ngemuva kokuthi amaphoyisa egasele efulethini eliseDurban North, okuthiwa abenendawo yokusebenzela ukukhoqiza izidakamizwa. Amaphoyisa ophiko lweProvincial Drugs and…
I-ANC IZOMEMEZELA AMAQEMBU EZIMISELE UKUSEBENZA NAWO KUHULUMENI WOKUBAMBISANA KULELI
I-African National Congress (ANC) ithi isihlangane okungenani namaqembu ayisithupha epolitiki ngenhloso yokusungula ohulumeni bamadlelandawonye noma uhulumeni wobumbano kuzwelonke nasezifundazweni. Lokhu kuvele esithangamini sabezindaba saleli qembu eGoli namuhla ekuseni. Kula maqembu kubalwa iDemocratic…
UVALO KUBULAWA ELINYE ILUNGU LE-MK KWAZULU NATAL
Iqembu le-MK selinxuse ukuthi kwehle umoya ngemuva kokudutshulwa kwelinye lamalungu alo eCato Manor eThekwini. Umufi udutshulwe wabulawa eduze kwenkulisa lapho yena nomkakhe beshiye khona ingane yabo ngoLwesithathu. Kuyaqondakala ukuthi ushayasibhamu ubalekile nesibhamu…
UKHUMALO UZOYOMELA I-MK EPHALAMENDE
UMsunguli weMK owaxoshwa kuleliqembu uMnu Jabulani Khumalo uzomela leliqembu emhlanganweni wasePhalamende lapho kuzoqokwa khona uMengameli noSomlomo. UKhumalo wakleliswa waba ngowesibili ohlwini labayomela leliqembu ephalamende elandela uMnu Jcob Zuma okwatholakala ukuthi akakulungele ukuba…
UMOTHIBA UTHI IBAFANA BAFANA IZOZIDLULELA KALULA NJE KUNIGERIA
Umgadli odabuka eNingizimu Afrika, uLebo Mothiba, uyazethemba ukuthi iBafana Bafana inakho edingekayo ukuze ihlule iNigeria futhi igcine ikwazile ukuziqhayisa ngoLwesihlanu ebusuku. IBafana namaSuper Eagles bazolwela amaphuzu amathathu emdlalweni kaGroup C wokuhlungela iNdebe…