Idlanzana lodokotela abasebancane, abangasebenzi baseKZN, basole uhulumeni ngokubancisha ithuba lokubuyisela emiphakathini yabo. Bangabanye besixuku sodokotela ababhikishe ngaphandle kwamahhovisi oMnyango Wezempilo e-KZN eMgungundlovu ngoMsombuluko ekuseni.
Bakhala nangabasebenzi abangaqeqeshiwe abafakwa ezikhundleni eziphezulu nenkohlakalo kulo mkhakha. Odokotela abasebancane bebehlome ngOHLU lwezimfuno, abebehlele nokuthi bayidlulisele ehhovisi likaNdunankulu.
Bathi sebekulungele ukusiza ekwehliseni ukusilela kwezisebenzi ezibhedlela lamakilinika kodwa uhulumende kafuni.
“Sitshelwe ukuthi asivule izindawo zethu ezizimele, siphinde satshelwa ukuthi asiye phesheya kwezilwandle, nokuyinto engayisizi imiphakathi yethu,” kusho omunye wababhikishi, uDkt Saneliswa Shozi.
“Ngakho-ke, silapha njengodokotela baseNingizimu Afrika abafuna kakhulu ukusiza izakhamuzi zaseNingizimu Afrika, futhi inkinga ukuthi uhulumeni wethu akasiniki ithuba. Asifuni lutho ngaphandle kokusiza abantu baseNingizimu Afrika yilokho okusiletha emgwaqeni manje.”
UDkt Pamela Jali uthe uthando namaphupho akhe okusiza ukuthuthukisa uhlelo lwezempilo luyabambezeleka.
“Bengingakulindele nakancane lokhu. Kungishaqisa kakhulu. Akufiki njengengcindezi kimina kuphela kodwa nakubazali bami. Bekukuningi ebengikulindele, manje akukho ongakwenza. Uhleli ekhaya. Wena. bheka ilanga liphuma futhi liwa. Kuyadabukisa kakhulu.”
Ngesonto eledlule, uNgqongqoshe wezeMpilo, uJoe Phaahla, uthe bamatasatasa ukuze kulungiswe inkinga yesabelomali emnyangweni.