Liphinde lavukela emahhovisi kaMaspala UThukela ikhansela laku ward 13 kumaspala wasekhaya ILangalibalele eMtshezi.
UKhansela ULindani Mlaba waseNtabamhlophe ubhikishe yedwa ngaphandle kwamahhovisi kamaspala ekhala ngokungabi bikho kwamanzi ewadini ayiphethe. uMlaba ubhikisha nje ungqoke impahla zabesimame ephethe nebhodi elibhalwe ukuthi, ‘Sifuna Amanzi’.
Leli khansela aliqali ukubhikisha lodwa phambi kwalamahhovisi, lenze okufanayo ngonyaka ka 2020 lapho labhikisha khona liqimbile likhala ngawo belu amanzi. UMlaba uthi ngeke asuke kulendawo engakazitholi izimpendulo ngamanzi athi abasawadi kuward 13.
UMaspala awukasho lutho ngalesi sigameko.