Sekubunjwe ithimba lamaphoyisa eliseqophelweni eliphezulu elizophenya ngodlame oluhlasele edolobheni laseNquthu enyakatho neKwaZulu-Natal.
Okungenani bangu-10 abantu, okuhlanganisa abesifazane nezingane, asebebulewe kusukela ngo-2022.
Ngokusho komnyango wamaphoyisa ukwanda kwezinga lobugebengu kudalwe yizinkinga ezingakaxazululwa phakathi kwabaholi bendabuko bendawo kanye nemindeni.
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele kanye noKhomishana kazwelonke uFannie Masemola bahlangane nezakhamizi zaKwaQhulu ngoLwesithathu.
UMasemola ubathembise uphenyo olunzulu.
“Sizoletha ithimba lapha lithathe wonke amadokodo, liwaphenye bese kuboshwa abantu.
“Sidinga ubufakazi, kumele siphenye ngaphambi kokuthi sibophe ukuze sazi kahle ukuthi ibuphi ubufakazi esinabo ngalabo bantu.”