UMnyango Wezempilo Kazwelonke uthi izingane ezingu-1 708 “zibelethwe ngokuphepha” ezikhungweni zezempilo zikahulumeni ngoSuku lukaKhisimusi.
Okhulumela uMnyango, uFoster Mohale, uthe lesi sibalo sakhiwe ngamantombazane angu-868 nabafana abangu-840.
Ubalule nokuthi bangaphezu kuka-140 amantombazanyana angaphansi kweminyaka engu-18 abelethe ngoKhisimusi.
“UMnyango wezeMpilo uhalalisela abasebenzi bezempilo, ikakhulukazi ababelethisi ngokuletha lezi zinyanda zenjabulo ngempumelelo nangokuphephile, futhi ufisela bonke abazali, okuhlanganisa nomama abasebasha abangaphezu kuka-145 konke okuhle kulo lonke uhambo lokukhulisa izingane”.
UMohale uthe uMnyango uphinde unyuse izinga lokugcinwa “kobisi lwebele” lwezingane ezizalwa omama abangakwazi ukuncelisa ukuze uqinisekise ukuthi ayikho ingane ephucwa ubisi lwebele olunomsoco.
Isifundazwe saseGauteng kuzalwe abantwana abangu-387, yisona esinesibalo esiphezulu sezingane ezisanda kuzalwa, silandelwa yi-KZN ngezingu-255.
I-Eastern Cape ithole abantwana anaggu-221 ngoKhisimusi.
UNgqongqoshe wezeMpilo kuzwelonke uNomagugu Simelane uzwakalise ukukhathazeka ngokukhulelwa kwentsha, wathi omncane kulaba omama yingane eneminyaka engu-16 ubudala eyabelethela esibhedlela iNiemeyer.
USimelane ukugcizelele ukuthi ukukhulelwa usemncane kuyingozi, njengoba kwandisa amathuba okuba nezinkinga zempilo kanye nokulahlekelwa ngumama kanye nengane. Unxuse abazali nabanakekeli ukuba bakujwayeze ukuxoxa ngocansi nabantwana, bakhuthaze ukuzithiba, futhi bakhulume nezingane ngamakhondomu nokulawula inzalo. Indlela yamanje yezempilo yokuzalana ngokocansi ayisebenzi futhi idinga ukubuyekezwa kwezinkolelo nezinqubo.