Abantu abathathu balahlekelwe yizimpilo zabo ngemuva kwesiphepho esidale umonakalo eMargate. Ngokusho kukaMed-Evac, imoto abebekuyo yakhukhuleka ebhulohweni ngaseFiddlewood Farm ngeSonto ebusuku.
Imoto itholwe endaweni eqhele ngamakhilomitha amahlanu kusekhona abantu abadala ababili nengane phakathi.
Okhulumela uMasipala Ugu uFrance Zama ungesinye sezikhulu ebezisendaweni yesigameko.
“Njengamanje senza uphenyo mayelana nomonakalo futhi ngingakhomba ukuthi kunezidumbu ezitholwe endaweni yaseMargate. Ithimba lethu lokutakula limatasa nomsebenzi wokuhlenga. Izindawo ezizungeze iMargate yizona ezihlaselwe kakhulu yilesi siphepho.”
Isexwayiso uLevel 5 mayelana nemvula ephazamisayo sisasele engxenyeni eseningizimu-mpumalanga yeKwaZulu-Natal.
Ezinye izindawo eziseningizimu-mpumalanga ziku-Yellow Level 2.
ISouth African Weather Service iphinde yakhipha isexwayiso se-Yellow Level 2 ngeziphepho ezinamandla phakathi nendawo nasentshonalanga yesifundazwe ngoMsombuluko nangoLwesibili.
Kuxwayiswa ngezikhukhula ezingase zibe khona, isichotho, imibani eyeqisayo kanye nomoya olimazayo.