Iwotha ubovu i-ANCYL esifundeni i-Josiah Gumede oThukela. evukela iPhini leMeya yasoKhahlamba ngoba ilisola ngokuthi ligweve namathuba emisebenzi kumasipala kunalokho liphendlela izihlobo zalo.
Lolu phiko lukhiphele abezindaba isitatimende likhononda ngoNksz Nothile Shabalala limsola ngokuthi selokhu angena akayigqizi qakala intsha.
Okhulumela i-ANCYL esifundeni i-Josiah Gumede, uMnuz Lindokuhle Maphalala uthe akukho okwaziwa uNksz Shabalala ngaphandle kokubukwa ngenqwaba yabaqaphi.
“Sesikhale kaningi ngaye ngakho sidonsa ubuholi besifunda iJosiah Gumede ngendlebe ukuthi uma behluleka ukubhekana naye nokumthathela izinyathelo sizozibambela mathuba kuye.
“Lomuntu unguSihlalo wekomoti lenqalasizinda kodwa intsha akayibhekeleli ngalutho kunalokho ubhekelela izihlobo zakhe. Sikhuluma nje udadewabo uyasebenza laphaya kwamasipala. Umfowabo umthathe wamenza umqaphi wakhe.
“Empeleni kade enabaqaphi abayisishiyagalombili njengamanje sebebalelwa kwabayishumi,” kukhalaza uMaphalala.
Kanti unobhala weqembu le-ANC eJosiah Gumede Region uMnumzane Bonga Hlomuka uthi iphini likameya uNothile Shabalala akanalo ilungelo lokuqhasha. uHlomuka uthi umsebenzi weMenenja kamaspala wasoKhahlamba ukuqhasha abasebenzi.
Uthi njenge ANC kwisifunda iJosiah Gumede ayizihlanganisi nokuqhashwa kwabasebenzi ngoba I Anc iyinhlengano yezombusazwe ngakho abantu abasha kumele balandele yonke imigudu efanele hhayi ukuya kwabezindaba uma benenkinga.