I-United Democratic Movement (UDM) isinxuse uhulumeni ukuthi aphumele obala mayelana nokulahleka kwenisebenzi okuqhubekayo embonini yezimoto.
Ibamba likaNobhala-Jikelele we-UDM, uZandile Phiri, uthe iqembu lakhe likhathazekile ngokulahleka kwemisebenzi embonini yezimoto eNingizimu Afrika, kuncane okwenziwa uhulumeni ngalokhu.
Uthe izimemezelo zakamuva zefekthri i-Continental i-ContiTech Africa eKariega e-Eastern Cape kanye neVolvo Cars South Africa zidwebe “isithombe esikhathazayo sokuntengantenga komnotho kanye nokwehla kwezokuphepha kwemisebenzi embonini yezimoto. Inkinga isisabalele kusukela ekukhiqizeni kwaze kwayofika ezindaweni ezidayisa izimoto.
“Okungenani imisebenzi engu-125 isengcupheni njengoba i-Continental ihlela ukuvala ukusebenza embonini yayo yaseKariega. Lokhu kuvalwa kuzoba nomthelela omubi kakhulu kubasebenzi abathintekayo nasemindenini yabo, okunezezela ezingeni eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi ezweni lethu,” kusho uPhiri.
Ekuqaleni kwale nyanga, iNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa) izwakalise ukuphoxeka ngohlelo lokuhlela kabusha iVolvo. Lokhu ngemuva kokuthi inkampani imemezele ukuthi ukuhlelwa kabusha kungase kuholele ekuvaleni kwezinye izindawo zabo zokudayisa.
“INumsa iyinyunyana eyaziwayo, kodwa ibingakaziswa ngokusemthethweni ngezinhlelo zakwaVolvo. Ngokwe-Labour Relations Act, uma inkampani ihlose ukuzihlela kabusha kufanele yazise izinyunyana ngokusemthethweni, ngokukhipha isaziso sesigaba 189. Lokhu akukenzeki. Kunalokho iNumsa ithole ngezinhlelo zokuhlela kabusha kwabezindaba.”
Inyunyana ithe indlela yakwaVolvo idale ukwethuka okukhulu kubasebenzi bezitolo.
“INumsa ifuna kulandelwe uhlelo olusemthethweni ukuze kuqinisekiswe ukuthi amalungelo abasebenzi awahlukunyezwa kulolu hlelo. INumsa imi ngomumo ukuvikela abasebenzi, sizokwenza konke okusemandleni ukuvikela imisebenzi,” kusho okhulumela iNumsa uPhakamile Hlubi-Majola.
UPhiri we-UDM, owafunga ukuthi iqembu lakhe lizoqhubeka nokulwela amalungelo abasebenzi futhi lifune izimpendulo ezinkampanini nakuhulumeni, uthe isinqumo seVolvo Cars South Africa sokuhlela kabusha nokwehlisa isibalo sezitolo senyuse okunye ukukhathazeka.
Yize le nkampani ithi lesi sinyathelo siyingxenye yesu layo lokuqinisa isikhundla sayo njengomholi emakethe yezimoto zikagesi (EV), kushiye amakhulu abasebenzi bekhathazekile ngekusasa labo. Ezinye izinyunyana zabasebenzi zisiphikisa kakhulu lesi sinqumo, zagxeka iVolvo ngokuhluleka ukulandela imigudu efanele nokuxhumana nabasebenzi ngaphambi kokwenza isimemezelo.
“I-UDM ikhathazekile ngokuthula kukahulumeni ngalezi zigameko. Akwamukelekile ukuthi abasebenzi babhekane nokungaqiniseki kanye nobunzima bezimali ezweni elintula imisebenzi kuyilapho abaholi bethule. Uhulumeni kumele angenelele ukuze axoxisane nezinkampani ezithintekayo, izinyunyana zabasebenzi kanye nababambiqhaza ukuze kutholakale izisombululo ezivikela imisebenzi.
“INingizimu Afrika ayikwazi ukulahlekelwa yimisebenzi eminingi ngesikhathi uhulumeni ebukele eceleni. Sicela ukuthi kube sobala kuzo zombili i-Continental neVolvo, sibanxusa ukuthi baxhumane ngokukhululekile nabasebenzi babo futhi babheke ezinye izindlela ngaphambi kokuqhubeka nokuncishiswa kwemisebenzi,” kusho uPhiri.