Ziphasile zonke iziboshwa zaKwaZulu-Natal ezabhala izivivinyo zika-matric zika-2024. Zingaphezu kuka-50 iziboshwa ezikhungweni zokuhlunyeleliswa kwezimilo esifundazweni ezibhale izivivinyo zeNational Senior Certificate zika-2024.
UNdunankulu waseKZN uThami Ntuli uncome iziboshwa emcimbini obuse-ICC eThekwini ngoLwesibili.
“Basebenzisa ithuba lokujikisa izimpilo zabo bafulathele impilo yobugebengu, yisikole iKuseni Secondary esinabafundi abahlanu, iQalakabusha Secondary School ngabayisithupha, Usethubeni Youth ena-25, iSicebengolwazi Secondary enabafundi abangu-17. .”
UNtuli uphinde wancoma impumelelo yezikole ezithile ezinezidingo ezikhethekile.
“Isikole sabangezwa iVuleka eKing Cetshwayo, AM Molla Spes Nova ePinetown, Open Air eMlazi, Fulton School for the Deaf ePinetown, Kwathintwa School of the Deaf ePinetown, VN Naik School for the Deaf kanye neSt Martin De Porres Comprehensive in uMgungundlovu wonke uthole amaphasi angu-100%.
I-KZN ithole izinga lokuphasa kukamatikuletsheni ngo-89.5%, okuyisibalo esisuka ku-86.4% sango-2023.
Isifunda uMkhanyakude yisona sifunda esisebenza kahle kakhulu esifundazweni futhi sikleliswe endaweni yesithathu ezweni lonke njengoba siphumelele ngo-92.8%.
UNtuli uphinde wathumela umyalezo kubafundi abangafikanga.
“Lokhu akukona ukuphela komhlaba, umnyango uphethe uhlelo lwamathuba esibili, olunikeza ithuba lokubhala kabusha,” kusho uNtuli.
“Isifundo esisodwa sempilo siwukuthi ungayeki. Hlala uzama, njengoba isisho esithi, ‘impumelelo ayilinganiswa ngenani lezikhathi owawa ngayo kodwa ngenani lezikhathi ovuka ngazo uphinde ubhekane nohambo’.
Syabonga ku Dpt of education ubambisene no correction services kanye nabafowethu nodadewethu ukuzinekezela ukushintsha impilo zabo loko okokhombisa ukuthi izimilo zabo realy zohlunyelelisiwe siyathemba uHulumeni wethu uzovula ithuba labo bonke abakwazile akade beboshiwe uma sebekemphakathini bakwazi ukuthila imsebenzi baqhubeke nempilo bangavinjwa I criminals record