Umholi weBuild One SA, uMnuz Mmusi Maimane, usenxuse othisha ukuthi bakhokhelwe imali elingana nodokotela, nokususe inkulumompikiswano ezweni lonke. Isitatimende sakhe size ngemuva kokumenyezelwa kwezinga lokuphasa kukamatikuletsheni ngo-2024 ku-87.3%, lisuka ku-82.9% ngo-2023.
Ekhuluma ohlelweni luka-X uMaimane uthe, “Othisha kumele baholelwe imali elingana nodokotela. Ukuze kuthuthukiswe umnotho, othisha kumele bahlonishwe, ngokwenhlalo nangokwezimali.” Ugcizelele ukuthi othisha baneqhaza elikhulu ekulolongeni ongoti bakusasa okubalwa kubo odokotela, onjiniyela nososayensi.
Nakuba abanye bewusekela umbono wakhe, abagxeki bathi odokotela babekezelela amahora amade nezimo ezicindezela kakhulu, ezithethelela amaholo abo aphezulu. Abanye baphawule ukuthi othisha banamakhefu avamile, ngokungafani nodokotela abavame ukusebenza amahora angu-24 noma angu-48.
UMaimane uvikele ukuma kwakhe, egqamisa izibopho zothisha ngale kwekilasi, njengokumaka, ukuhlela izifundo, nokwenza imisebenzi yangemva kwesikole. Uphinde waveza ukuthi abahlengikazi yize besebenza kanzima kodwa bahola kancane uma beqhathaniswa nodokotela.
Abanye baphakamise ukuthi kwehliswe amaholo osopolitiki ukuze kukhushulwe iholo lothisha, abaningi bethi othisha kufanele bahole kakhulu kunamalungu ePhalamende.
Le ngxoxo iza phakathi kwemibhikisho yodokotela abangasebenzi e-Eastern Cape befuna imisebenzi ngemuva kokuphela kwezinkontileka zabo zokusiza umphakathi. UMaimane uzwakalise ukuweseka yomibili le misebenzi, wethembisa ukuthi uzobhekana nezinkinga ezithinta odokotela abangasebenzi ephalamende.
“Ngiyabazisa odokotela futhi ngiyabalwela, nothisha ngiyabazisa futhi ngiyabalwela. Ngizazisa ngokulinganayo,” usho kanje, enxusa ukuthi kubuyekezwe izinto ezibalulekile emikhakheni ebucayi.
Satshenwa ukuth minimum wage YASE South Africa izokhuphuka ,akukaze kwenzeke lokho namanje abantu Bakith basahola ushintshi phez kwalokho bengaqasheki kuthiwa sebebadala kodwa labo Bantu Babita nsuku zaphuma kuthiwe over 35 awsaqasheki
Kukhona abantu abasanikezwa o R1000 like CWP , EPWP Kuthiwa abaphile kanjan labobantu bona
Okothisha kuyezwakala kodwa imali ayikhuphulelwe wonke umuntu E South Africa ngob yonkimkhiqizo yethu iyahanjiswa isiwe phesheya ubuye ithuthukise lamakhehla nogogo abasicindezele abase Parliament kuthiwa babesekubhaceni sesikhathele nkos yam 💔😭😭
Yebo nami ngiyavumelana nombono wokuthi othisha abahole amaholo abhekile ngoba yibona abayisikhiye sayoyonke imikhakha. We deserve better wages asingabukelwa phansi sibalulekile. Siyacela😔
I’m 100% supporting the idea of Mmusi Maimane. Teachers too, they go through a lot. Plus the fact that everyone to be educationally successful pass through the teacher.