Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

UKHALA NGABATHI UZACISWA YINSANGU ULWA NDLUNKULU

Posted on 8 January 2025

Ukhiphele konke ukucasuka kwakhe ekhasini lakhe likaFacebook umculi we-Afropop ongaphansi kwesitebela sikaBig Zulu iNkabi Records uLwa ndlunkulu.

Ulwa ukhwele wadilika kubantu abahlale njalo bemgxeka ngokuthi uzacile futhi uzaciswa ukuhuqa insangu. Lentokazi ithi ayisakwazi nokugqoka izinto ezithandayo ngoba abantu njalo bavele baphawule ngomzimba wakhe,

“Ingiphatha kabi ke kodwa le yokuthi ningi belesele ngokuthi ngizacile ngiqedwa insango Ku wrong loko bakwethu, anokuhlonipha uku shintsha komuntu ngoba sikhula ngeyindlela eyingafani kanti futhi nezimo esibhekana nazo anizazi kodwa ngingaqiniseka ukuthi angizidli izidakamizwa. Lokhu enikubhala kuma comments uma kunijabulisa ninga qhubeka ngiyabonga. Umculo omusha uyeza usendleleni,” luchaza lomculi.

Lomculi uqhube wathi abantu noma ungazama kanjani ukubajabulisa kodwa bazohlezi bethola into abazoyisho ngawe,

“Even if umuntu ezama ukuba perfect for nina guys anijabuli senaphilela ukugxeka umuntu aze azizonde. Ngiyawu nyanya umzimba wami ngize ngigqoke izinto ezinkulu ukuze ningangi beki amabala kodwa still nithi ngigqoka osikhula naye. Mhlampe it would be better if ningasho ukuthi Lwah nansi indlela esifisa ube yiyo futhi uziphathe ngayo but cha nje ngiyathukwa everyday nge weight nokuma kwami ??? Ngiyazazi ukuthi ngine sishwapha futhi ngizacile manje ngenze njani?” kuchaza uLwa.

6 thoughts on “UKHALA NGABATHI UZACISWA YINSANGU ULWA NDLUNKULU”

  1. Zinhle Sibisi says:
    8 January 2025 at 11:20 am

    Abayeke ingane bo.

  2. Thabo Brendon says:
    8 January 2025 at 12:06 pm

    Bayakuphaphela lento yaqalwa uMgodi ngenxa yomona ,Ngendlela owenza ngayo izinto.

  3. Mzwakhe Buthelezi says:
    11 January 2025 at 2:02 pm

    Yaze yayimbi into eyenziwa enganeni yabantu. Nqadekani bant bakithi kungaze kuvele umonakalo ingane ibulawe ingcindezi. Akudingayo nje ukuxhaswa Kanye nothando lwenu.
    Ngiyabonga

  4. Brownskin says:
    13 January 2025 at 12:02 pm

    Aninayo i peace hlezi ninento enizoyikhuluma , anihlukane nengane phansi .

  5. Balungile says:
    14 January 2025 at 6:45 am

    Ninxakwe yini Aniket niyeke igane yabantu okumnandi onemali yayo Nina ninjani aniyeke ukuthandwa ukugxeka niyoncoma nini siyakuthanda thina ndlukulu khohlwa abantu bazokubuyisela emuva love you girl

  6. Philisiwe says:
    15 January 2025 at 7:41 am

    Khohlwa Abantu Lwa and focus on your journey. Umona qha abanawo izinja aziyikhonkothi imoto Emile. Qina Lwa. Siyakuthanda thina.

Comments are closed.

Recent Posts

  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO
  • KUNCONYWA OWESIFAZANE OQHAMUKE NENDLELA ENTSHA YOKUGUQULA INDLE IBE WUMQUBA
  • USHAQEKILE UMPHAKATHI WASEROSBOM KUNTSHONTSHWA UMTWANA(1) ENDLINI KUBO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme