Ukhiphele konke ukucasuka kwakhe ekhasini lakhe likaFacebook umculi we-Afropop ongaphansi kwesitebela sikaBig Zulu iNkabi Records uLwa ndlunkulu.
Ulwa ukhwele wadilika kubantu abahlale njalo bemgxeka ngokuthi uzacile futhi uzaciswa ukuhuqa insangu. Lentokazi ithi ayisakwazi nokugqoka izinto ezithandayo ngoba abantu njalo bavele baphawule ngomzimba wakhe,
“Ingiphatha kabi ke kodwa le yokuthi ningi belesele ngokuthi ngizacile ngiqedwa insango Ku wrong loko bakwethu, anokuhlonipha uku shintsha komuntu ngoba sikhula ngeyindlela eyingafani kanti futhi nezimo esibhekana nazo anizazi kodwa ngingaqiniseka ukuthi angizidli izidakamizwa. Lokhu enikubhala kuma comments uma kunijabulisa ninga qhubeka ngiyabonga. Umculo omusha uyeza usendleleni,” luchaza lomculi.
Lomculi uqhube wathi abantu noma ungazama kanjani ukubajabulisa kodwa bazohlezi bethola into abazoyisho ngawe,
“Even if umuntu ezama ukuba perfect for nina guys anijabuli senaphilela ukugxeka umuntu aze azizonde. Ngiyawu nyanya umzimba wami ngize ngigqoke izinto ezinkulu ukuze ningangi beki amabala kodwa still nithi ngigqoka osikhula naye. Mhlampe it would be better if ningasho ukuthi Lwah nansi indlela esifisa ube yiyo futhi uziphathe ngayo but cha nje ngiyathukwa everyday nge weight nokuma kwami ??? Ngiyazazi ukuthi ngine sishwapha futhi ngizacile manje ngenze njani?” kuchaza uLwa.
Abayeke ingane bo.
Bayakuphaphela lento yaqalwa uMgodi ngenxa yomona ,Ngendlela owenza ngayo izinto.
Yaze yayimbi into eyenziwa enganeni yabantu. Nqadekani bant bakithi kungaze kuvele umonakalo ingane ibulawe ingcindezi. Akudingayo nje ukuxhaswa Kanye nothando lwenu.
Ngiyabonga
Aninayo i peace hlezi ninento enizoyikhuluma , anihlukane nengane phansi .
Ninxakwe yini Aniket niyeke igane yabantu okumnandi onemali yayo Nina ninjani aniyeke ukuthandwa ukugxeka niyoncoma nini siyakuthanda thina ndlukulu khohlwa abantu bazokubuyisela emuva love you girl
Khohlwa Abantu Lwa and focus on your journey. Umona qha abanawo izinja aziyikhonkothi imoto Emile. Qina Lwa. Siyakuthanda thina.