Amabandla ehlukahlukene ahlanganyele ndawonye namhlanje ngaphansi komkhuleko wokulwisana nezigameko ezingezinhle ezihlasele indawo yaseMnambithi kanye nesifunda uThukela lonke.
Lokhukhulela ngoqo wenkonzo obuhlelwe yihhovisi likaNdunankulu wesifundazwe iKwaZulu-Natal ubambisene nomasipala Uthukela, ububanjelwe eMnambithi elokishini laseSteadville enkundleni yezemidlalo i-A.G. Magubane Stadium namuhla.
UNdunankulu wesifundazwe uNkk Nomsa Dube-Ncube, ubezifikele mathupha naye kulomkhuleko edlubhe ezenkonzo yakhe ziphelele. Kwezinye izicukuthwane ebezizimazise lomkhuleko kubalwa noNgqongqoshe wezolimo esifundazweni uMnumzane Super Zuma, yilowo owake waba yiMeyala yaloMaspala uMnumzane uSiphiwe Mazibuko kanye nabefundisi abavela emabandleni ehlukahlukene.
Phakathi kwezinto ezikhulekelwe kubalwa ukuhlukunyezwa kwabesimame, ukubulawa kwamakhosi nezinduna, udlame lwamatekisi, yizikhukhula nesimo sezulu esingesihle, ukhetho olungenazihibe kanye nokunye okuningi. Abazalwane bamabandla ehlukene abebegcwele phama etendeni esibala kubo iZayoni, AmaSheshi, Amaroma, Abenkolo yamaSulumane, AbakwaShembe Abenkolo yobuRasta, Abenkolo yesintu nabanye, bakhuleke ngazwi linye banxusa ongaphezulu ukuthi angenelele ukulwa nalezi zihlava.
UNdunankulu uthe yonke inkinga iyawudinga umkhuleko,”ayikho inkinga evele ixazululeke nje kungazange kukhulekwe, nathi singosopolitiki siyadinga ukukhulekelwa ukuze sikwazi ukulwa nezinkinga umphakathi esiwuholayo obhekana nazo nsuku zonke,” kusho uDube-Ncube.
Lomkhuleko uvalwe ngikuthi bonke abefundisi abebekhona ukuthi babeke uNdunankulu izandla bamkhulekele bamcelele nenhlanhla njengoba kuza ukhetho nje.
Lomkhuleko ubusakazwa bukhoma esiteshini somsakazo somphakathi esizinze eMnambithi iNqubeko FM.