Umeya woMkhandlu uThukela inkosi Ntandoyenkosi Shabalala nobuholi basoThukela kanjalo nabuholi buka maspala wasoKhahlamba bahambele indawo yase Dukuza eBergville ukuyo vula amanzi kumphakathi wakuleyandawo.
Lomcimbi ubuse Dukuza Sport Ground ubuhanjelwe usihlalo wakwa-SALGA KwaZulu Natal, uMeya wase King Cetshwayo, aphinde futhi agaqele esobuNdunankulu KwaZulu Natal uMnuz Thami Ntuli.
I Dukuza Water Treatment Plant idle uMkhandlu imali engu R15 Million.
Ukhansela waku ward 4 uMnuz Philani Zwane uthi ujabule kakhulu ukubona wonke umphakathi wase Ward 4 uzothola amanzi eduzane ngoba lesiphehli manzi sineminyaka elishumi nanhlanu sabakhona.
Umeya woMkhandlu uThukela iNkosi Shabalala uthi ekugcineni abantu base Dukuza sebezoba namanzi futhi esezoba seduzane namakhaya abo.
Umeya ubonge amadoda akuleyandawo ngokuvikela ingqalasizinda yawo, uthi lamadoda aseDukuza angamaqhawe ngoba ahlala ubusuku nemini engade ukuthi kungabibikho obulala ingqalasizinda.
Kanti usihlala uSihlalo wakwa SALGA u Ntuli uthi uyafisa engathi bonke abantu bengenza njengabantu base Dukuza uma kukhona intuthuko endaweni yabo bayihloniphe baphinde bayivikele bona.
UNtuli uthi kubalulekile ukungabheki ukuthi intuthuko iza ngaliphi iqembi lezepolitiko kodwa kufanele abantu bayibambe ngezandla zombile.
Uthembise abahlali basoThukela ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukuthi babe nempilo engcono.