Amaphoyisa e-KZN asekuqinisekisile ukuboshwa kukayise wengane yentombazane, 14, okubikwa ukuthi ithunjwe ngesonto eledlule.
Lentombazanyana kuthiwa ihlwithwe ngaphandle kwesikole efunda kuso eSenembe ngoMsombuluko odlule.
Amaphoyisa athi athole lomtwana ehamba nensizwa eneminyaka engu-23 ubudala engeyokufika kuleli, eVerulam ngoLwesihlanu.
Umsolwa uboshiwe kanti ubezovela enkantolo namuhla.
NgoLwesithathu, uyise wentombazane unxuse ukuthi umtwana abuye ephephile watshela abezindaba ukuthi uyazi ukuthi uthathwe ngubani.
Uthathwe uphiko olubhekele udlame lomndeni, ukuvikelwa kwezingane kanye namacala ocansi endaweni yaseMhlali ekuseni
Ubhekene namacala amaningi, okubalwa kuwo nelokushushumbisa abantu.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uRobert Netshiunda uthe uyise wayazi ukuthi ingane ikuphi ngesikhathi evula icala lokuthumba.
Uthi uphenyo lwamaphoyisa luthole ukuthi intombazane ihambe ngokuzithandela nale ndoda
“Ubaba oneminyaka engu-43 ubudala ubhekene necala lokushushumbisa abantu, lokwehlula ukusebenza kwezomthetho, ukuqamba amanga kanye namacala angaphansi kweFinance Act ngokusebenzisa budedengu izinsiza zombuso. Uzovela eNkantolo yeMantshi yaKwaDukuza ngoLwesithathu. ngakolunye uhlangothi, umsolwa oneminyaka engu-23 ubudala ubekwe icala lokudlwengula jkanye nokuba sezweni ngokungekho emthethweni.”