KUBOSHWE isikhulu sikamasipala waKwaZulu-Natal ngemuva kwezinsolo zokusebenzisa isikhundla saso sikamasipala ngokuphindelela ukubuyisela ugesi ngemuva kokunqanyulwa izikhathi eziningi.
UMbeko Nzimande, 44, oyisikhulu soMnyango wezokuXhumana kumasipala wesifunda uMgungundlovu, uboshwe ngoLwesibili ekuseni.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uCol Robert Netshiunda, uthe umsolwa, 44, uboshwe ngamaphoyisa ase-Alexandra Road.
UNzimande uvele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu ngoLwesibili ntambama.
Ngokwephepha lamacala, uNzimande ubhekene namacala amahlanu “okuphazamisa, ukucekela phanansi ingqalasizinda ebalulekile”.
Kuthiwa ukweleta umasipala imali engaphezu kuka-R200 000 kagesi.
Imithombo ithi uNzimande usenqanyulelwe kaningana ugesi wumasipala kodwa kuthiwa uvele ayalele abasebenzi bakaMaspala ukuthi bawuvule futhi ngaphandle kokukhokha.
Ibheyili yakhe ayizange iphikiswe enkantolo njengoba ithathwa njengengeyona ingozi yokubaleka. Udedelwe ngebheyili ka-R1 000 kanti uzobuyela enkantolo ngo-Ephreli 4.
Umthombo osondelene nophenyo uthe kulindeleke ukuthi kuboshwe abanye abantu.
Waboshwa njengengxenye yephrojekthi yokuhlola eqhutshwa umasipala wendawo uMsunduzi (ngaphansi kukamasipala waseMgungundlovu) yokulwa nokuphazanyiswa kwengqalasizinda ngokungemthetho kanye nokwebiwa kukagesi.