Umholi we-Patriotic Alliance (PA) uGayton McKenzie umemezele ukuthi uzokhipha u-R1million emalini yakhe ukuze aklomelise noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi uJoshlin Smith oneminyaka engu-6, olahlekile.
UMcKenzie ungene bukhoma kuFacebook wakhe izolo ezwakalisa ukucikeka ngokuthi nakuba kuboshwa abantu, uJoshlin akakatholakali. “Le ngane isiphenduke unembeza wesizwe sakithi. Ingane yothingo lena. Ngizokhipha u-R1 million emalini yami ebengizowufaka emkhankasweni wami wepolitiki,” kusho uMcKenzie.
UMcKenzie uthe ubekela noma ngubani u-R1 million, akukho mibuzo ebuzwayo inqobo nje uma wazi lapho ekhona uJoshlin. “Ngiyazi ukuthi uJoshlin akakangcwatshwa eSaldanha Bay njengoba le ndawo isihloliwe futhi kusaqhubeka nokuthungathwa kwengane. Sinabantu abafuna nsuku zonke ngaphandle kwamakhamera. Sinama-drones emoyeni. Angisoze ngaphela amandla. Ngigaqele isikhundla sikamengameli waleli zwe. Kufanele ngikhankase. Ngikhankasa kanjani uma singakamtholi uJoshlin?” kubuza yena.
Sekuphele inyanga uJoshlin enyamalele kanti uMcKenzie uthe amaphoyisa anenkinga yokumthola ngoba enqaba usizo emphakathini. Uthe ithimba alijube ukuthi lisize ekuthungatheni labatshengisa abasolwa abasesitokisini samaphoyisa kusasele izinsuku eziyisikhombisa baboshwe. “Nina maphoyisa anazi ukuthi uJoshlin ukuphi ngoba anifuni usizo lomphakathi. Siphila esikhathini samakhamera. Kungani ningawuthembi umphakathi,” usho kanje.
Abasolwa ababoshiwe kulolu daba sebeyishiyile ibheyili bonke okwamanje.