Izithandani esezikhulile kanye nomzukulu wazo ziphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokugingqika kwemoto abebehamba ngayo ngesikhathi ingena esigodini(pot hole) ku-R102 ngaseGlen Anil eThekwini ngoMsombuluko, Ephreli 28, 2025. Umshayeli uhlulekile ukuyilawula ngemuva kokungena kulesi sigodi, yaphenduka. Ababebukele babasiza ngokushesha ukubakhulula emotweni egingqikile.
Abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesigameko banika usizo wonke amalungu omndeni amathathu ngaphambi kokuba bawahambise ezikhungweni zezokwelapha ukuze bathole ukunakekelwa okwengeziwe. Ngenhlanhla, ukulimala kwabo akuzange kubeke ukuphila engozini.
Lesi sigameko sidonse amehlo ngesimo esibi semigwaqo kule ndawo, ikakhulukazi ngasemgwaqweni u-R102, lapho imigodi emikhulu engalungiswanga isidale umonakalo ezimotweni eziningi nokuholele ezingozini eziningi. Iziphathimandla zendawo, okuhlanganisa namaphoyisa kaMasipala, ziyivumile le nkinga zaveza ukuthi kuhlelwa imizamo yokuyilungisa ukuze kuthuthukiswe ezokuphepha emgwaqeni kugwenywe ezinye izigameko ezifana nalesi.