OwayeyiMenenja kaMasipala kuMasipala wesiFunda uDkt Kenneth Kaunda, u-Adv. U-Abbey Dlavane (61), ugwetshwe iminyaka emihlanu ebhadla ejele yiNkantolo yeMantshi yaseKlerksdorp. Ulahlwe yicala lokweba nelokwephula umthetho iMunicipal Finance Management Act (MFMA).
UDlavane uthole iminyaka emihlanu ngecala lokweba kanye neminye emithathu eyengeziwe ngokuphulwa kwe-MFMA. Nokho lesi sigwebo seminyaka emithathu silengiswe iminyaka emihlanu, okusho ukuthi uzodonsa iminyaka emihlanu kuphela ngecala lokweba ngaphandle uma eke wenza elinye icala ngesikhathi sokumiswa.
Inkantolo ithole ukuthi phakathi kukaJanuwari 2009 noMashi 2020, ngesikhathi esebenza njengeMenenja kaMasipala, uDlavane wayalela umlawuli wezimali akhokhele u-R550,000 inkampani iKumekucha Investment yezinsiza ezingazange zilethwe. Uphenyo luveze ukuthi uDlavane uyena yedwa ilungu lenkampani, okusho ukuthi uhlomule mathupha kulo mkhuba womgunyathi.
Lokhu kugwetshwa kuphawula isinyathelo esinzima sokwenza izikhulu zikahulumeni ziphendule ngokungaziphathi kahle kwezezimali kanye nokukhwabanisa embonini kahulumeni.