Ugogo uCwelani Jayiya, 87, selokhu aduka kusukela ngoLwesine, zingama-27 kuNdasa wezi-2025, ngemuva kokuphuma kwakhe ngezithuba zabo-08:00 eyokha amakhambi epulazini KwaMaqimba. Akazange abonakale kusukela lapho. Ukulahleka kwakhe kwabikwa kwaReaction Unit South Africa (RUSA) ngemuva kwezinsuku ezine.
Ngokuthola kwalo mbiko, iRUSA ijube indiza enophephela emhlane ukuthi iyosesha endaweni yase-Esenembe e-Upper Tongaat, KwaZulu-Natal. Naphezu kwemizamo, ukusesha emoyeni akuzange kube nemiphumela, futhi u-Jayiya akakatholakali.
Ngesikhathi enyamalala ubegqoke isikhafu esiphuzi ekhanda ebhince ibhayi elibomvu okhalweni. Uchazwa ngokuthi mfushane, mncane, uyakhanya ngebala.
Umndeni kanye nomphakathi bakhathazeke kakhulu ngokuphepha kwakhe futhi basaqhubeka nokuthemba ukuthi uzobuya ephephile. Kunxuswa noma ngubani ongaba nolwazi ngokuthi ukuphi ukuthi aphumele obala.