I-African National Congress KwaZulu-Natal ithi ishaqekile ngokubulawa kwelinye lamakhansela ayo eSundumbili enyakatho neKZN. UPhendukani Mabhida udutshulwe wabulawa oshayasibhamu ababili emzini wakhe ngoLwesibili.
Uphuthunyiswe esibhedlela, washona ngemuva kokulimala.
Kuyaqondakala ukuthi ababulali bakaMabhida bafike emzini wakhe bezenza abantu bendawo befuna angenelele ezindabeni zomphakathi.
Omunye umuntu okukholakala ukuthi uyisihlobo sakhe udutshulwe walimala ngesikhathi kuhlasela.
UMabhida ubeyikhansela likaWadi 18 kuMasipala waseMandeni.
I-ANC ithi ubuholi bayo esifundeni bulungiselela ukuvakashela umndeni wakhe futhi bunethemba lokuthi amaphoyisa azolandela abenzi bobubi.
Kucelwa amalungu omphakathi angaba nolwazi ukuthi akhulume neziphathimandla.