KUBOSHWE umlimi waseMpumalanga ngezinsolo zokupakisha kabusha ukudla osekuphelelwe yisikhathi nokubolile ukuze kudayiswe.
Uphiko loKlebe oluzinze eSecunda iSerious Organised Crime Investigation luhlangene ne-SAPS luthi bathole ulwazi ngomlimi okusolwa ukuthi upakishe ukudla osekuphelelwe yisikhathi nokubolile ukuze akulethe ezitolo ezahlukene ezizodliwa ngabantu.
Umlimi oneminyaka engu-30 ubudala kusolakala ukuthi uqoqa ukudla osekuphelelwe yisikhathi ezitolo ezidayisa ukudla ngesizathu sokuthi uyophakela izinja kanti izinja abantu abathenga kuye.
Ngesikhathi befika epulazini lakhe, oKlebe nabahloli baseGovern Mbeki Local Municipality Health bafice izindawo zokugcina izimpahla ezimbili zigcwele ukudla okubolile.
Kwatholakala amakamelo amane abandayo agcwele imikhiqizo esemathinini eseyaphelelwa yisikhathi, inyama ebomvu ebolile, nenyama yenkukhu.
Alinganiselwa ku-1 000 amakhreyithi atholakale egcwele imikhiqizo yobisi ephelelwe yisikhathi, okuhlanganisa nemikhiqizo kashizi.
Kuphinde kwatholakala iloli, elifakwe ikamelo elibandayo, izimoto ezimbili ezincane, eyodwa ebilayishe inyama.
OKlebe bathi kuzophenywa ngalezi zimoto.
Izinto ezitholiwe zihlanganisa izitikha nemishini yokubeka amanani, okukholakala ukuthi isetshenziswa uma kubhalwa kabusha imininingwane.