Kuthiwa uyelulama ekhaya umlisa waseThekwini olunywe yingwenya.
Lesi sigameko senzeke ngempelasonto ngesikhathi kunombukiso eCrocodile Creek Centre, eGreylands.
Lomlisa osebenza ngazo vele izingwenya ubonakala kuvidiyo engaphakathi kwechibi elinezilwane ezihuquzelayo ezimbili, ezama ukuthi zimnake ukuze akwazi ukuthokozisa izivakashi ngazo.
Ngemva kokuqhweba okumbalwa esebenzisa okusandukwana, enye yezingwenya iphenduka ngokushesha yathi nkamfu umlenze wendoda yaphinde yamdedela.
Indoda ibe iphuthunyiswe esibhedlela.
Esitatimendeni, isikhungo sithi lomlisa ogama lakhe linguSenzo, uzinzile esibhedlela futhi umlenze wakhe uyalulama.