ISouth African National Taxi Council KwaZulu-Natal isinxuse ukuthi kwehle umoya ngemuva kokudutshulwa komshayeli nomgibeli eMnambithi. Amaphoyisa athi abahlaseli bavulele ngenhlamvu bengaphakathi kwekhumbi endaweni yase-St Chads ngeSonto ngaphambi kokuba babaleke.
Umuntu oyedwa walimala.
Amaphoyisa aphenya amacala okubulala nelokuzama ukubulala.
Okhulumela iSantaco esifundazweni, uMnuz Sifiso Shangase, unxuse noma ngubani ongaba nolwazi ngokudutshulwa ukuthi aphumele obala.
“Uma singahlala etafuleni sihlonze izinselelo kanye nokwehluka esinakho, lokho kungaba yisixazululo esihlala isikhathi eside.”